RosettaReleaseAnnouncementZU

Rosetta : I-Portal yokutolika amafayela e-PO

Iqembu le-Rosetta liyajabula ukumemezela ukuthi i-Portal seyikulungele ukusetshenziswa yiningi. Iphuzu le-Rosetta wukwenza umsebenzi wokutolika i-Software ekhululekile ngabatoliki nabanakekeli ubelulu ngayona ndlela ingenzeka . Abanakekeli bangathumela amafayila e-PO kithina, wona azothmelwa kwi-Internet ukuze atolikwe. Amafayel e-PO azobe bese etholokala ngaso sonke isikhathi kwi-Internet.

I-Rosetta yingxenye ye Launchpad ye Ubuntu engatholaka lapha :

Nitolike Kamnandi !

Izinto ze-Rosetta ongazisebenzisa

Izinto ongazisebenzisa zikhona ukuze zisetshenziswe ngabantu abasebenzisa i-Rosetta nanbo bonke abantu abane<interest> kwi-Rosetta.

I-list yeposi yokukhulumisana nge-Rosetta ikhona :

Enye indawo yokukhulumisana yi #rosetta i-channel ese-Freenode IRC Network (irc.freenode.net)

Uqala kanjanyi ukusebenzisa i-Rosetta

Uma ufuna ukutolika ngeRosetta, uzodinga ukuthi ubhalise i-account kwi <website> ye-ubuntulinux.org :

Okulandelayo, thola into ofuna ukuyitolika. Uma ikhona into ufuna ukuyitolika ongayitholi kwi-Rosetta, ungakhululeka uthumele imibuzo kuma-list weposi noma i-Channel ye-IRC sizozama ukukufakela yona. Uma uyitholile into ofuna ukuyitolika, qala uyitolika! Iqembu le-Rosetta liyakujabulela ukuphendula noma yiyiphi imibuzo ungaba nayo.

Amaphutha we Rosetta

Noma i-Rosetta isetshenziswa ukutolika namhlanje, kulindelekile ukuthi abantu abayisebenzisayo bathole amaphutha kuyo. Sizolungisa wonke amaphutha ngokushesha kokutholwa kwawo, kodwa siyethemba ukuthi abantu abayisebenzisayo bayazi ukuthi yithulusi elisha leli. Okwamanje, indlela efanelekile yokusazisa ngamaphutha we Rosetta wukuthumela umlayezo kwi list yesposi. Imibono nge-Rosetta yamukelekile.

Acknowledgments

Sizothanda ukubonga bonke abantu abazame i-Rosetta, bathola amaphutha bawathumela kuthina ngaphambi kokuthi siyikhiphe.

CategoryArchive

RosettaReleaseAnnouncementZU (last edited 2008-08-06 16:26:52 by localhost)